Njengoba uNkulunkulu ebona izinhliziyo nezingqondo zabantu, akukho lutho olungafihlwa kuye. Yonke into umuntu ayenzayo ekuphileni iyodalulwa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu, futhi wonke umuntu uyokwahlulelwa ngokwezenzo zakhe. Ngakho-ke, iBhayibheli lithi, “anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini.”
Ngokwezimfundiso zikaKhristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama, owathi, “Lokho enikwenzele omunye wabancinyane kulaba, nikwenzele mina,” amalungu eBandla likaNkulunkulu akhonzana ngokuthobeka futhi enza uthando. Ngaphezu kwalokho, bathatha njengesifundo ukubhujiswa okwabangelwa ukukhonona nokububula kwama-Israyeli, nokuziphatha okubi kukaHofini noFinehasi, amadodana ompristi, futhi bahlale belwela ukuphila impilo engcwele yokholo.
ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.” Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini, 1 kaPetru 1:16–17
Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke. Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi. UmShumayeli 12:13–14
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha